Othisha basolwa ngokukhumulisa abafundi baMatric

2017-06-29 07:01

Johannesburg - IDemocratic Alliance isibike othisha besikole i-H S Phillips Secondary eduzane nase-Elim, eLimpopo, kwi-South African Council for Educators (SACE) ngemuva kwezinsolo zokukhumulisa abafundi umfaniswano wesikole ukuqinisekisa ukuthi abawaphethe amapheshana okukopela ngesikhathi sekubhalwa izivivinyo zaphakathi nonyaka.

Okhulumnela i-DA esifundazweni uJacques Smalle, uthe abafundi abenza uGrade 11 noGrade 12 babafana namantombazane bakhunyuliswa izingubo zokugqoka.

Uthe lesi sigameko senzeka ngenyanga eyedlule.

OLUNYE UDABA:UMnyango uphoxekile ngokuputshuka kwephepha lika-matric

UMnyango wezeMfundo eLimpopo, yize kunjalo, awukwazanga ukuqinisekisa isigameko.

USmalle uphethe ngokuthi abanye abafundi babengayigqokile impahla yangaphansi, kanti ukukhunyulioswa ngale ndlela kwadala ukuthi bahlazeke.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...