Osolwa ngokudlwengula indodakazi, 9, usethweswe elokudlwengula enye

2017-03-15 18:01

Durban - Indoda yaseChatsworth ethweswe icala lokudlwengula indodakazi yayo eneminyaka engu-9 ubudala isiphinde yathweswa elokudlwengula enye indodakazi yayo eneminyaka engu-15 ubudala.

Le ndoda eboshwe ekuqaleni kwenyanga ifake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseChatsworth.

Lo baba obekwaziwa ukuthi ineminyaka engu-50 ubudala utshele inkantolo ukuthi ineminyaka engu-54 ubudala.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umkhulu odlwengule wakhulelisa umzukulu

Lo baba wezingane ezine oke wavela enkantolo ngaphambilini, uziphikile izinsolo wathi washaqeka ngesikhathi eboshwa.

UMbuso kulolu daba uyayiphikisa ibheyili ngezizathu zokuthi ummangalelwa angase alibalekele icala aphinde aphazamise ofakazi boMbuso.

Lo baba uqinisekise inkantolo ukuthi ngeke ayenze le yonto, wathi angakwazi ukukhipha imali yebheyili ephakathi kuka-R3 000 n0-R4 000, esho enxusa inkantolo ukuthi imdedele njengoba esekhumbule umndeni wakhe.

Inkantolo itshelwe ukuthi uma lo baba ekhishwa ngebheyili, uzoyikhokhelwa yindodakazi yakhe endala eneminyaka engu-20 ubudala.

 - Newswatch

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...