Osolwa ngokubulala intombi ulaxaze esokufaka ibheyili

2017-03-16 16:00

Johannesburg - Uvele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park unogada osolwa ngokubulala intombi yakhe.

Umsolwa bekufanele afake isicelo sebheyili namuhla (ngoLwesine) kodwa akazange akwenze lokho.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseKempton Park uCaptain Jethro Mtshali, umsolwa ukhethe ukungasifaki isicelo sebheyili, kubika iKempton Express.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili owokufika ngezinsolo zokudlwengula

"Uzogcinwa esitokisini, icala lakhe lizobuyela enkantolo ngomhlaka-4 Meyi," kusho uMtshali.

Ummmangalelwa ubemelwe ngummeli wamahhala.

Ubhekene necala lokubulala kulandela izinsolo zokugwaza abulale intombi yakhe eneminyaka engu-29 ubudala emzini wabo.

Ngokusho kwalowo osondelene nodaba, indodakazi, 5, yalezi zithandani yayikhona ngesikhathi sesigameko.

Lo mndeni wawuhlala wonke emzini okuCommissioner Street, abebeqashe kuwo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...