Osolwa ngokubulala abazali ukhombise inkantolo indlela alwa ngayo nesigebengu

2017-11-02 18:00

Cape Town – UHenri van Breda osolwa ngokubulala amalungu amathathu omndeni wakubo utshengise inkantolo ukuthi walwisana kanjani nowesilisa athi wabulala amalungu omndeni wakhe.

UVan Breda uthi isigebengu esasizifihle ubuso sahlasela umndeni wakhe ngoJanuwari 2015 emzini wakubo oseStellenbosch.

Uthi wakwazi ukuphuca isigebengu imbazo, sase siwela phansi, naye wakwazi ukubaleka.

Umsushisi uSusan Galloway ube esecela umsolwa ukuba abakhombise ukuthi wasiphuca kanjani isigebengu imbazo ngobusuku besigameko.

OLUNYE UDABAWethula ubufakazi enkantolo osolwa ngokuqotha umndeni ngembazo

Iphoyisa elingu-Sergeant Clinton Malan lona belizenza isigebengu.

UVan Breda ukhombise inkantolo indlela athatha ngayo imbazo. Waphinde wayikhombisa ukuthi walimala kanjani ngaleso sikhathi, njengoba ongoti boMbuso bethi nje wazilimaza yena.

UGalloway uthe kuyamangaza ukuthi wakwazi ukuphuca isigebengu imbazo kalula kangaka ngemuva kokuthi sesiklabhe ngayo abantu abane.

Icala liyaqhubeka.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...