Osolwa ngelokubulala utholakale nezibhamu ezingekho emthethweni

2017-02-06 11:33

Durban - Owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala uzovela enkantolo kaMantshi eThekwini ngecala lokubulala, ukuphanga ehlomile kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

Lo msolwa uboshwe ezintatha zangoMsombuluko eboshwa amaphoyisa aseCato Manor.

Kuthiwa lo ngomhlaka 28 Januwari ngo-21:30 ebusuku isisulu iLindile Mngoma, 24, ubesendlini yakhe eCato Crest ngesikhathi ezithela phezu komsolwa owayephethe isikhala.

Kuthiwa lo msolwa ungene endlini yalo mlisa wathatha umakhalekhukhwini, i-tablet kanye nezimpahla ngaphambi kokudubula isisulu.

OLUNYE UDABA:Umsolwa uzilengise ngentambo yesigqoko sejakhethi esitokisini

Isisulu silimale kabi saphuthunyiswa esibhedlela nokulapho esifike sashonela khona.

Aphoyisa alusukumele ngokushesha lolu daba ethungatha umsolwa, ogcine etholakala ngezintatha zangoMsombuluko.

Ngesikhathi eboshwa, umsolwa utholakale nezibhamu ezintathu kanye nezinhlamvu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54 Sihamba noRamaphosa – Lamola

Emizuzwini eyi-57 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...