Oshayasibhamu badubule babulala umalusi bezama ukweba imfuyo

2017-11-15 11:00

Free State -  Umalusi oneminyaka engu-53 ubudala udutshulwe washona ngesikhathi behlaselwa oshayasibhamu endaweni yaseDewetsdorp  ngoLwesibili, kusho amaphoyisa.

"Kukholakala ukuthi bebebathathu abelusi belele emkhukhwini wabo lapho begada khona imfuyo ngesikhathi bezwa kukhonkotha izinja ngaphandle.

"Ngesikhathi beyohlola isimo, bahlaselwe ngamadoda amane abehlome ngezibhamu. Kuqale lapho ukuhilizisana, abasolwa bengazibekile phansi bedubula," kusho uColonel Thandi Mbambo okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Webelwe imfuyo umculi wokholo

UMbambo uthi abelusi ababili bakwazile ukubaleka, kodwa uTshidiso Kgotlele wadubuleka esiswini.

"Isidumbu sakhe sitholwe ngabanye abelusi ngo-06:00 ekuseni. Kukholakala ukuthi abasolwa bebezama ukweba izimbuzi ngesikhathi bephazanyiswa wukukhonkotha kwezinja," kuqhubeka yena.

Kuvulwe icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu ngalokhu, kubika iThe Citizen.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...