Oshayasibhamu babulale amalungu amane omndeni eRichmond

2017-02-13 14:30

Durban – Kuvalwe ngehlahla emndenini wakwaChiliza eRichmond kulandela ukuhlaselwa kwamalungu amane alo mndeni ngoMgqibelo.

Ekhuluma nephephandaba iMercury ngeSonto uQuinton Dawood, uthe ugogo wakhe uCecelia Chiliza, 60, umalume wakhe uDumisani Chiliza, 35, umzala wakhe uNkosikhona Masango, 27, kanye nomshana wakhe uNoxolo Dawood, 11, bonke badutshulwe babulawa oshayasibhamu abagasele endlini karawondi kubo.

UDawood uthe ubengekho ekhaya ngesikhathi kwenzeka lokhu, uthi ngenhlanhla indodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala ayizange ilimale ngoba ibicashe ngaphansi kombhede.

Ingane kaMasango eneminyaka emine ubudala ithole imihuzukwana njengoba ibizigubezele ngengubo yokulala ngesikhathi behlaselwa.

OLUNYE UDABA:Ushonile ovinjezelwe oshayasibhamu ngemvula yenhlamvu

Uthe yize lezi zingane zingalimalanga zithuke kangangokuthi azikwazi ngisho nokuphendula imibuzo mayelana nokwenzekile.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe lokhu kwenzeke ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokuthi lo mndeni ube nomcimbi weladi ngesikhathi kugasela oshayasibhamu bavulela ngenganono.

“Okwamanje ayikaziwa imbangela yokuhlaselwa kwamalungu alo mndeni, kodwa kuvulwe amacala amane okubulala kanye namathathu okuzama ukubulala,” kusho uMbhele.

UMbhele uthe abasindile bebethuke kakhulu abakwazanga ukukhuluma namaphoyisa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...