Osebenza ebhange ubhekene nelokukhwabanisa ngemuva kokulahleka kuka-R1.2m

2017-12-13 09:33

eKapa - Owesilisa ongumabhalane ebhange laseKapa uboshiwe ngemuva kokuqola owaseMalaysia imali engango-R1.2-million.

UNtobeko Mbolekwa‚ 33‚ ubushwe wuphiko loKlebe ngamacala amabhizinisi ngoLwesihlanu ngemuva kokuba avula i-akhawunti entsha ngohlelo lwe-internet banking nge-akhawunti yekhasimende lakwa-FNB eHout Bay.

Okhulumela uphiko loKlebe uKaputeni Lloyd Ramovha uthe uMbolekwa wenza ngisho namakhadi ahambisana nale akhawunti ayivulile, wazitamuzela emalini yaleli kilayenti.

OLUNYE UDABA:Umfundi wezindaba uxoshelwe ukukhwabanisa kwa-SABC

“Uphenyo lwangaphakathi ebhange luqale ngesikhathi ikilayenti lifaka isikhalazo. Kwacelwa uphiko loKlebe ukuba lulekelele ngophenyo nokuyilona oluholele ekuboshweni kukaMbolekwa esemsebenzini,"kusho uRamovha.

“Lo msolwa uthole ibheyili kaR5‚000 enemigomo nemibandela eqinile yokuthi udingeka enkantlo ngomhlaka 9 Febhruwari 2018, lapho kuzoqulwa khonaamacala abekwe wona okukhwabanisa, ukushushumbisa imali, nokwephula umthetho wezokuxhumana nokusebenzisa imali ngobuchwepheshe be-intanethi.

Kukholakala ukuthi lo msolwa ubesebenzisana nabanye abantu, kodwa uphenyo luyaqhubeka, kubika iSowetan.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...