Ona-25 ugwetshwe iminyaka engu-20 ngelokudlwengula

2017-11-16 14:06

Willowvale - INkantolo kaMantshi eWillowvale igwebe owesilisa ngecala lokudlwengula intombazane, 15.

UZubenathi Hlakaza oneminyaka engu-25 ubudala ugwetshwe iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngemuva kokukhala ngaphansi ecaleni lokudlwengula.

“Kukholakala ukuthi ngomhlaka-29 Januwari 2016 ngo-15:00 emini le ntombazane yayihleli ngemuva kwendlu karawondi kubo elokishini iXholingada, kwaNxanxashe, eWillowvale ngesikhathi ihlaselwa,” kusho uCaptain Jackson Manatha, okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Lesulile emsebenzini iphoyisa elisolwa ngokweba iloli

Lo msolwa kuthiwa wabiza le ntombazane eyithuma esitolo ukuba iyomthengela i-airtime. Ngesikhathi isendleleni, umsolwa wayilandela wayikhomba ngesibhamu wayiyalela ukuba ingene kweminye yemizi ekule ndawo lapho afika ayidlwengulela khona.

“Kwavulwa icala lokudlwengula, amaphoyisa abamba umsolwa ngemuva kokulandela umkhondo wakhe," kusho uManatha.

Lo mlisa ugwetshwe ngoLwesibili, kubika iThe Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...