Omunye wamaKhoi-san abezile ukudla kwinkomfa ye-ANC usesibhedlela

2017-12-22 14:00

eGoli - Amadoda amane angamaKhoi-san eholwa yiNkosi yawo abezile ukudla futhi esabisa ngokulala ngaphandle kwaseNasrec Expo Centre eGoli lapho bekubanjelwe khona inkomfa ye-ANC.

La madoda aveze ukuthi ahambe ngezinyawo esuka e-Eastern Cape ezoletha uhlu lwezikhalazo zawo kuMengameli uJacob Zuma futhi awayindawo engakabonani nobuholi bukaKhongolose.

Laba bashaya phansi ngonyawo bethi abayindawo, bancamela ukuhamba kuleya ndawo sebekhishwa ngamabhokisi omngcwabo uma kungukuthi abeze ngakho kakulungi.

Laba bahambe ngezinyawo besuka e-Eastern Cape bezoletha uhlu lwezikhalazo kuMengameli Zuma ngethemba lokuthi uzozithathela phezulu.

Bafuna uhulumeni abazise njengesizwe sokuqala saseNingizimu Afrika, bafuna nolimi lwabo luqinisekiswe njengolusemthethweni futhi bafuna ukuhlomula ngokwesicelo sabo sokubuyiselwa komhlaba nokuyisicelo sango-1913 nokuthi kuphele indaba yokuthi abantu besizwe sabo babizwe ngamaKhaladi.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ama-Khoi-san afuna ukubonana nobuholi be-ANC

NgoLwesithathu, oyedwa wabo ungeniswe esibhedlela ekhala ngezinhlungu esifubeni.

Lokhu kwenzeka-nje bese kuphele izinsuku ezingu-14 besebhandeni, bethi bazilile.

UChristian Martin uxilongwe ngodokotela, bamlalisa ngaphambi kokuba bamkhiphe esibhedlela.

Odokotela bamxwayise ngokuthi umzimba wakhe uyazwela kakhulu njengoba ezile ukudla, egcina ngokuphuza amanzi kuphela, kubika iSowetanlive.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...