Omunye wabasolwa ngokudla izicubu zomuntu ufuna ukuvuma icala

2017-09-28 18:01

Johannesburg - Indoda eyodwa kwayisikhombisa asolwa ngokudla izicubu zomuntu, ifuna ukulivuma icala. Lokhu kuzwakale enkantolo yemantshi yase-Escourt ngoLwesine.

Ummeli wamahhala uThandeka Hadebe, omele abasolwa akazange adalule ukuthi yimuphi umsolwa ozimisele ngokuvuma icala.

Isangoma, uNino Mbatha, 32, uLungisani Magubane, 30, uSithembiso Doctor Sithole, 31, uLindokuhle Masondo, 32, noKhayelihle Lamula, 32, baboshwa baphinde bavela enkantolo ngo-Agasti e-Escourt eduzane naseLoskop ngamacala okubulala, ukwakha itulo lokubulala nokutholakala nezicubu zomuntu.

La basolwa bajoyinwe nguWiseman Madlala, 28, noSazi Ndlovi, 31 enkantolo.

OLUNYE UDABA:Sekuboshwe omunye futhi 'kwelokudla izicubu zomuntu'

UHadebe utshele iMantshi u-Arthi Sukraj ukuthi elinye lamakhasimende akhe limyalele ukuba lifuna ukuxoxisana nenkantolo enkulu ngenhloso yokuvuma icala.

UHadebe nomshushisi u-Israel Zuma bavumelene phambi kukaSukraj ukuthi udaba luhlehliselwe umhlaka-12 Okthoba.

"Nkosi yenkantolo, isizathu sokuhlehlisa icala ukusinika isikhathi sokuxhumana nabameli benkantolo enkulu," kusho uHadebe.

UZuma uthe uMbuso usazosiphikisa isicelo sebheyili.

Khonamanjalo, abasolwa abangu-7 kuleli cala badalulele inkantolo ukuthi bayahlukunyezwa ejele futhi badinga ukubonana nodokotela njengoba beshaywa.

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...