Omakadebebona be-ANC bafuna ubuholi obusha bukhiphe uZuma esikhundleni

2017-12-22 11:00

Johannesburg - Omakadebebona be-ANC bathi ubuholi obusha bale nhlangano namalungu ayo kumele baziswe ukuthi seziphelile izinsuku zokuziphatha okungamukelekile futhi kumele umsebenzi wabo uqale ngokukhipha uMengameli Jacob Zuma esikhundleni.

Omakadebebona ngoLwesine bahalalisele uCyril Ramaphosa ngokukhethwa kwakhe kwesokuba umengameli we-ANC, bazwakalisa ukubanethemba lokuthi kuzobanoshintsho ezweni.

OLUNYE UDABA: Bazovela enkantolo abasolwa ngokunyamalala kwabesifazane ababili

Nakuba kunjalo, baxwayise ngokuthi izinto ngeke zibelula ngenxa yezinselelo ezibhekene nombutho, bathi bakholelwa ukuthi kusanezinto okumele zilungiswe.

“Sizoqhubeka nokufuna ukuba kukhucululwe inkohlakalo futhi ingabekezelelwa nakancane.

“Isinyathelo sangempela sokulwisana nenkohlakalo kuzomele sibonakale ngokushesha, ngokuthi kuqokwe ngokushesha inhloko entsha ye-National Prosecuting Authority‚” kusho omakadebebona esitatimendeni ngoLwesine.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...