Olahlekelwe unodoli usekhiphe u-R6 500 azowunika ozomtholisela ngawo

2017-09-06 13:59

Cape Town – Owesifazane waseBrithani uTracey Jennings usebeke eceleni imali engu-R6 500 ezonikezwa noma ngabe ngubani ongamsiza athole unodoli owumngani wakhe olahleke eKapa ngomhlaka-2 Septhemba.

Unodoli wahe - uBob – ugcine ukuwubona ngabo-14:00 ngesikhathi ese-V&A Marina Complex, eKapa.

UJennings ubone ngemuva kwehora ukuthi awusekho kuyena, ngemuva kokuyobeka umngani wakhe esikhumulweni sezindiza, nokwenza asole ukuthi uBob uqathake esikhwameni noma webiwe.

Uthi lo nodoli ubaluleke kakhulu empilweni yakhe, awufani nje nabanye onodoli.

OLUNYE UDABA: Bayaxoshwa othisha ababi nabanezinduna ezikoleni

"Ngiyazi ukuthi uwunodoli kodwa ngawuphiwa umngani wami omkhulu engangihlala naye efulethini enyuvesi ngaphambi kokuba azibulale,” esho enkundleni yezokuxhumana.

UJennings ungumthwebuli owaziwayo nothanda ukuhamba amazwe omhlaba.

UJennings ubesehlale noBob iminyaka engu-25 futhi ubehamba naye amazwe omhlaba.

"Ngizizwa sengathi ngimphoxile umngani wami uRobert noBob. Ngiyamkhumbula uBob. Ubengumngani wami omkhulu.” 

- IOL

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...