Okusha ngabasolwa kwelokubulala umndeni eMarianhill

2017-10-12 11:04

Durban - Ithimba lamaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit esebenzisana namaphoyisa aKwaNdengezi abelandela imikhondo mayelana nabasolwa abebengakaboshwa esigamekweni sokubulawa kwabantu eMarrianhill.

Uphenyo luholele amaphoyisa eMbumbulu lapho amafice khona abasolwa ababili ezihambela emgwaqeni owubhuqu.

Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukubabopha abasolwa, kusolwa ukuthi bavulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni nawo aziphindiselela.

OLUNYE UDABA:Kubulawe 6 wabantu kwesokudubula e-KZN

Oyedwa wabasolwa ushonile kwathi omunye wakwazi ukubaleka ngesikhathi kudutshulwana.

Ngokwesitatimende samaphoyisa ukuthungathwa komsolwa okwazile ukubaleka kuyaqhubeka.

UKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal uMajor General Langa wamukele okusha okuvelile ophenyweni lwamaphoyisa.

"Lokhu kunginika ithemba futhi kuyatshengisa ukuthi ithimba labaseshi aligoqile izandla. Siyathemba ukuthi labo ababalekele ukuboshwa bazoboshwa maduze," usho njalo.

Kwadutshulwa amalungu omndeni aneminyaka ephakathi kwengu-19 nengu-24 ubudala endaweni yaseNteke eMarianhill, entshonalanga yeTheku ngoLwesine olwedlule.

Amalungu amane ashonela endaweni yesigameko kwathi elesihlanu lashonela esibhedlela.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...