OKlebe bayaqhubeka nophenyo ngomfundisi 'olala nezingane'
2017-04-19 11:03
Johannesburg – OKlebe kukhona abakutholayo njengoba benza uphenyo ngomfundisi waseNigeria okuthiwa uhlukumeza ngokocansi amantombazanyana asebandleni lakhe elizinze eThekwini.
"Siphenya ngamacala ehlukene, kodwa ngeke siwadalule ngaphambi kokuba sibophe [umsolwa],” kusho uLieutenant-Colonel Robert Netshiunda ngoLwesibili.
NgoMsombuluko, ohlelweni lwezindaba i-Special Assignment kuvele umbiko ngomfundisi okuthiwa ulala namantombazane ebandla lakhe.
Ibandla lakhe linamagatsha izwe lonke.
Kuthiwa phakathi kwezingane aseke walala nazo kukhona nezineminyaka engu-14 ubudala kanti lo mkhuba kuthiwa uwenzela emzini wakhe oseMhlanga, enyakatho yeTheku.
OLUNYE UDABA: Kushone abazalwane abahlanu kuketuka isikebhe
UNetshiunda uthe akafuni ukuqagula ngamacala angase abhekane nawo umsolwa.
Khonamanalo, iYoung Religious Leaders (YRL), ithe ikhathazekile kakhulu ngokuvezwe ohlelweni i-Special Assignment.
Icele uhulumeni ukuba abekele amabandla imithetho, ngoba ukungabikho kwemithetho kwenza kubenzima ukubhekana nezinto ezifana nalezi.
- News 24