OKlebe bathungatha amadoda aqhumise umshini wemali kwaMashu

2017-01-04 19:32

kwaMashu - Uphiko loKlebe luthungatha amadoda asolwa ngokuqhumisa umshini wemali enxanxatheleni yezitolo iNyala Mall kwaMashu.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ekuseni kanti kuthiwa abasolwa bavulele ngenhlamvu konogada babagebenga bezibhamu zomsebenzi bathatha namabhokisi amahlanu email.

Ngesikhathi bebaleka, abasolwa badune iveni lamaphoyisa elingakhangisiwe nokuyilapho kuqale khona ukujahana namaphoyisa aseNtuzuma.

OLUNYE UDABA:Zigwetshiwe izelamani ezashisa zabulala abathathu KwaMashu

Abasolwa bahlulekile ukuyilawula le veni yagunqika kodwa bebeqhubeke njalo nokudubula amaphoyoisa.

Kulimale iphoyisa elilodwa eliphuthunyiswe esibhedlela lisesimweni esibucayi kakhulu.

Kubanjwe umsolwa oyedwa oneminyaka engu-29 ubudala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C High level clouds. Warm. PE: 14-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...