OKlebe basindise amantombazane angu-26 emzini ohlala abaqwayizi

2016-12-16 11:00

Johannesburg – Uphiko loKlebe lusindise amantombazane angu-26 kanye nabesimame endaweni okudayiswa kuyo umzimba eKlerksdorp.

Abesimame abatholakale kule ndawo baseminyakeni eqala ku-14 kuya ku-37 ubudala, kubika i-eNCA.

OKlebe basukume ngokushesha kulandela ukulunywa indlebe ngalolu daba.

Befika bathole amadoda angu-19 kanti oyedwa wawo udabuka kwelaseNigeria.

OLUNYE UDABA:OKlebe bacacisa ngabakwenzayo ecaleni likaMeyiwa

Lamadoda asaphekwa ngemibuzo kanti kusolakala ukuthi laba basebenza ngokushushumbisa abantu.

Okhulumela uphiko loKlebe uKaputeni Tlangelani Rikhotso uthe: “Sesiqalile inqubo yokuba nezingxoxo nalaba banti kanti laba besimame bathe balapha ngokuthanda kwabo futhi le iyona ndlela abazenzela ngayo imali.”

URikhotso uthe kuvamile ukuthi amantombazane ashushumbiswayo atshelwe ukuthi akhulume ngale ndlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...