OKlebe bashaqekile ngencwadi yendodana kaZuma

2017-08-30 09:31

Johannesburg - Uphiko loKlebe ngoLwesithathu luthe uphenyo ngezinsolo ze-state capture luyaqhubeka, lwazakalisa ukwethuka ngezinto ezingelona iqiniso ezishiwo yindodana kaMengameli Jacob Zuma, uDuduzane Zuma.

Encwadini evulelekile ngoMsombuluko, uDuduzane uthe oKlebe bathole ukuthi akukho okuphambene nomthetho yena akwenza kanye nabakwaGupta.

Kodwa okhulumela oKlebe uHangwani Mulaudzi uthe alukaphothulwa uphenyo, olwaqalwa ngemuva kokuputshuka kwama-email aveza ubudlelwane ‘obungebuhle’ phakathi komndeni wakwaGupta nezikhulu ezithile kuhulumeni.

OLUNYE UDABA: Ubuyele esibhedlela sabaphilile ngokomqondo 'owabulala unina'

"Sishaqekile ngokuqukethwe yincwadi‚" kusho uMulaudzi emsakazweni i-702

UDuduzane usebenzisana kakhulu kwezamabhizinisi nomndeni wakwaGupta, osolwa ngokusebenzisa ubudlelwane bawo noMengameli ukuthola izinkontileka zokusebenzisana nohulumeni.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...