Oklebe basamukele isigwaqo salowo owayeyiphoyisa

2017-10-11 18:02

eGoli -  Ugwetshwe kanzima owayeyiphoyisa owaboshwa ngemuva kokuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngabasolwa abahlele ukuduna imoto eMidrand.

IBamba leNhloko yoKlebe kuzwelonke uLieutenant General Yolisa Matakata, usamukele isigwebo sikaClement Edward Manzini,38, ogwetshwe udilikajele neminyaka engu 66 ngaphezulu enkantolo eNkulu yaseGoli.

UMatakata uthe izigebengu kumele zikhokhe ngezenzo zazo futhi uphiko loKlebe luzimisele ukuqeda zonke izigulamkhuba ezinobungozi emphakathini.

OLUNYE UDABA:OKlebe babophe onogada bemeya yaseMandeni

Ngokusho kukaHangwani Mulaudzi, okhulumela oKlebe, ngomhlaka 2 Septhemba 2014, uphiko loKlebe lubambisene nophiko lwe-K9 bathola umbiko ngequlu lamadoda abehamba ngemoto yamaphoyisa ehlela ukuduna iloli ngaseMidrand.

Ngesikhathi amaphoyisa ebona lemoto, azama ukuyimisa kodwa yabaleka, abasolwa baqala ukudubula bebhekise emaphoyiseni.

Le moto igcine ngokuma ngemuva kokushayisa esigangeni. Abasolwa bazama ukubaleka kodwa babanjwa. Ngesikhathi kusehswa imoto kwatholakala ukuthi abasolwa ababili bashonile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54: Ungubani uDavid Dabede Mabuza?

Emizuzwini eyi-7 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...