OKlebe bahlenge izisulu ezingu-10 ebezishushumbiswa

2018-01-12 14:02

Johannesburg - Kuboshwe abasolwa abangu-6 ngezinsolo zokushushumbisa abantu eFree State, kusho amaphoyisa ophiko loKlebe ngoLwesihlanu.

Kutholwe izisulu ezinhlanu epulazini elise-Odendaalsrus, eFree State, kusho oKlebe.

Kuboshwe abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengu-21 nengu-68 ubudala ngoLwesithathu ngemuva kokuhlengwa kwezisulu.

"Amalungu oKlebe alandele imikhondo evela e-Interpol, mayelana ngesisulu esishushumbiswe eLesotho sayogcinwa epulazini lesise-Odendaalsrus. Ngesikhathi befika kule ndawo, kutholakale izisulu ezinhlanu."

OLUNYE UDABA: Ziyikhalele indoda ezame ukushushumbisa igolide ebiligxise ezinqeni

Kuboshwe unogada nemenenja yepulazi," kusho oKlebe esitatimendeni.

Kuboshwe nabantu besifazane ababili eKhune, eWelkom, okukholakala ukuthi yibo abaqoqa amantombazane.

Kuphinde kwaboshwa abanye abasolwa ababili, umabhalane nonogada ehotela okuzwakale ukuthi liyindawo okudayiswa kuyo ngomzimba eWelkom, lapho okuhlengwe khona ezinye izisulu ezine," kusho oKlebe.

Kuhlengwe izisulu ezingu-7, okubalwa kuzo abantu besifazane abane nabesilisa abathathu abadabuka eLesotho kuthi ezinye izisulu ezintathu zabesifazane zona ngezaseBloemfontein.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoLwesihlanu.

Uphenyo luyaqhubeka.

 - TimesLive


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...