OKlebe bafuna abaqolwa wumfundisi ‘webhanoyi’

2017-01-13 18:03

Cape Town – Uphiko lwamaHawks selunxuse noma ngabe yimuphi “umtshali wezimali” okungenzeka ukuthi waqolwa yilokho okusolwa ngokuthi yibhanoyi loMundisi Colin Davids, ukuba beze ngaphambili.

UDavids, owayesebenza njengoMfundisi eNew Direction Grace Ministries, uzovela eNkantolo yeMatshi eBellville ngoLwesithathu oluzayo.

Wadedelwa ngebheyili kaR100 000 ngenyanga kaJuni ngonyaka odlule ngemuva kokubekwa icala lokukhwabanisa ngezinsolo zokuphula umthetho iFinancial Advisory and Intermediary Services Act and Banks Act.

OLUNYE UDABA: U-MMM uzama ukudoba abadlala izistokfela - Isikhulu

Inkampani ahweba ngayo, iPlatinum Forex, kusolwa ukuthi yayingabhalisiwe neFinancial Services Board futhi kusolwa nokuthi wathembisa amakhasimende akhe imihlomulo engaphezulu kwale ejwayelikile uma ngabe betshala imali yabo enkampanini yakhe.

Ngonyaka owedlule, u-eNCA wabika ukuthi iningi labantu abagilwa yilo mfundisi kwakungabantu ababesebenzela uhulumeni asebathatha umhlalaphansi kanye nalabo asebasula ezinhlakeni zikahulumeni.

Esitatimendeni ngoLwesihlanu, okhulumela uphiko loKlebe eWestern Cape, uCaptain Lloyd Ramovha, uthe uphenyo lwabo selufike “esigabeni esiphezulu” nokuthi inqwaba “yabatshali zimali isivele isiphumele obala ngezincwadi ezifungelwe.

“Noma kunjalo, egameni lobulungiswa, siyanxusa kulabo asebebe [yizisulu] kuleli bhanoyi elishiwoyo ukuba beze ngaphambili ukuze kuqhutshekwe nokuqinisa uphenyo

Izisulu zinxuswe ukuba zixhumane noLieutenant Colonel Jerome Hardenberg  ku-082 850 9747 noma nge-email ethi: HardenbergJ@saps.gov.za .

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C High level clouds. Mild. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-26°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...