OKlebe babophe onogada bemeya yaseMandeni

2017-09-20 10:59

Durban – OKlebe sebebophe onogada abathathu bemeya yaseMandeni uSiphesihle Basil Zulu ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, kusho uNgqongqoshe wamaphoyisa uFikile Mbalula ngoLwesithathu.

Abasolwa kulindeleke bavele eNkantolo kaMantshi eThekwini ngoLwesithathu.

Uthe onogada ababoshiwe bebeqashwe yinkampani eyodwa naleyo yonogada ababili ababegada unobhala wesifunda se-ANC eThekwini uBheki Ntuli, abaxoshwa ngokuqhosha ngezibhamu zabo kwi-video.

Leyo video, eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana emasontweni amabili edlule, iveza abesilisa ababili beqhosha ngezibhamu zabo bethi bazobulala umuntu.

Kwi-video, bezwakala bethi: "Izofa inja,” bephethe izibhamu ze-9mm kanye ne-AK-47 phambi kwekhamera.

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo ophinde wadubula isisulu okwesibili

UMbalula uthe ufuna izimpendulo kwiPrivate Security Industry Regulatory Authority (PSIRA) ngesinyathelo ezosithathela le nkampani yonogada.

"Ngikhulumile ne-PSIRA eqapha ukusebenza kwezinkamani zonogada ezweni – ngeke sibenezinkampani zonogada ezinabasebenzi abephula umthetho,” esho.

Izibhamu ezine ezincane, esisodwa esikhulu kanye nezinhlamvu kushaqwe ngamaphoyisa konogada abathathu.

Izibhamu zizohlolwa ukuthola ukuthi azikaze yini zisetshenziselwe ukwenza ubugebengu. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...