OKlebe babophe izisebenzi zenkampani yonogada kwesokwebiwa kuka-R30m 'kubanjwa inkunzi'

2018-04-24 12:32

Kuboshwe izisebenzi ezinhlanu zenkampani ediliva imali mayelana nokubanjwa inkunzi kwemoto ethwala imali okwenzeke ngasekuqaleni kwale nyanga.

La madoda, aseminyakeni ephakathi kuka-30 no-48 ubudala, aboshelwe ukubandakanyeka kwawo esigamekweni sangomhlaka-13 Ephreli okwebiwa kuso u-R30m.

Okhulumela oKlebe eGauteng uCaptain Ndivhuwo Mulamu uthe lokhu kuboshwa kwalaba kuyizithelo zomsebenzi wophenyo olunzulu okwenziwe yiNational Bureau of Illegal Firearms Control and Priority Violent Crime.

Ngomhlaka-13 Ephreli, isigejana sabasolwa sabamba inkunzi imoto ethwala imali eyayisanda kusuka edepho eSpartan, empumalanga yeGoli, ilibangise eSelby. Kepha yathi ingakafiki le moto la iya khona, yamiswa eKensington.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa ababambe inkunzi imoto ethwala imali

Le moto yabe isivulwa ngemuva, amadoda amathathu athatha izikhwama zemali, ebaleka no-R30m.

"Onogada babe sebeyobikela umqashi 'ngokubanjwa inkunzi'. Babe sebetholakala bequlekile baphuthunyiswa esibhedlela lapho okwafike kwatholakala khona ukuthi baphuze i-drink ethakwe ngesidakamizwa esingaziwa," kusho uMulamu.

Uthe laba bantu abahlanu ababoshiwe ngoNkosinathi Feni, 48, Gabriel Mbhango, 35, Siphiwe Hlungwane, 45, Bavuyise Ndaba, 30, noPetros Ndlovu, 38.

Icala labo lihlehliselwe isonto elizayo ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa kulesi sigameko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...