OKlebe babophe iphoyisa kutholakala izidakamizwa

2017-11-08 19:16

Cape Town – Kuboshwe iphoyisa elisebenzela eKapa ngemuva kwezinsolo zokuthi litholakale namaphilisi angu-41 000 ezidakamizwa ze-mandrax eBellville South – okuthiwa ngezesikhulu sezigebengu.

Amaphilisi ashaqiwe angabiza u-R1.9m.

Imithombo eyahlukene itshele iNews24 ukuthi izidakamizwa zitholakale ngoLwesibili ebusuku, kanti ngezosolwa ngokuba yisikhulu seqembu lemigulukudu.

IBellville South yindawo ethathwa njengesizinda esikhulu seqembu lezigebengu elizibiza nge-Sexy Boys.

Kukholakala ukuthi izidakamizwa bezizodayiselwa umsolwa, kodwa lokhu bekungakaqinisekiswa ngabomthetho.

NgoLwesithathu, uJP Smithi wekomidi lezokuphepha eKapa, uthe oKlebe bancinzwe indlebe, bathola izidakamizwa ezimotweni ezimbili komunye umuzi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokulahla usana ehostela KwaMashu

Uthe idolobha lishaqekile ngalokhu, kanti lizoqalisa uhlelo lokumisa umsolwa emsebenzini.

Uthe leli phoyisa eliboshwe lingekho emsebenzini, liphinde latholakala liphethe isibhamu somsebenzini, okuyinto ephambene nomthetho, esho.

Iphoyisa eliboshiwe kulindeleke livele enkantolo ngoLwesine.

Ngo-Agasti kubikwe ukuthi kunyamalale izibhamu lapho ezigcinwa khona esiteshini samaphoyisa esiseBellville South.

NgoSepthemba, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula wathi amaphoyisa kungenzeka ukuba anikeza izigebengu izibhamu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-34 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...