OKlebe babambe osolwa ngelokugebenga imoto yemali

2017-03-03 14:01

Mpangeni - Uphiko loKlebe eRichards Bay libambe umsolwa oyedwa okukholakala ukuthi ubandakanyeka esigamekweni sokubulawa koyedwa kugetshengwa imoto le mali.

Lesi sigameko senzeka ngoDisemba wonyaka odlule egaraji lakwa-Engen ngaku-N2 eduze kwaseMpangeni.

OLUNYE UDABA:OKlebe bacacisa ngabakwenzayo ecaleni likaMeyiwa

UNkunzi Mzimela uvele okukoqala phambi eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngoLwesibili ngamacala okugebenga, ukubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

UMzimela wabanjwa enxanxatheleni yezitolo eSikhaleni ebanjwa woKlebe besebenzisana nophiko lweMpangeni K9 kanye nethimba le- Tactical Response Team.

Ngesikhathi ebanjwa, umsolwa utholakale nezibhamu ezimbili nezinhlamvu ezingu-20.

Lezi zibhamu zizohlolwa ukuze kubobanakale uma zike zasetshenziselwa ubugebengu phambilini, kubika iZululand Obsever.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...