Okamaskandi uzogubha usuku lokuzalwa ngomcimbi wamahhala

2017-03-14 19:31

Durban - Zizobe ziphihlika eGoli kule mpelasonto u-Ali Mgube wama-ASAP ehlela ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngomcimbi kaMaskandi.

Lo mcimbi uhlelelwe ukuba sehholo lomphakathi elokishini i-Alexandra ngoMgqibelo kanti okuzojabulisa abathandi bomculo kamaskandi wukuthi kungenwa mahhala kulo mcimbi.

Ngokusho kukaMenziwa Biyela ongumphathi walo mculi, ngaphezu kokugubha usuku lokuzalwa lukaMgube lo mculi uzobe ebungaza iminyaka engu-17 ekule ndima yomculo kamaskandi.

"Lo mcimbi ungowokugubha iminyaka engu-17 lo mculi esayibambile kulo mculo yingakho simema bonke abalandeli baleli geza kanye namadlelandawonye ukuba bazojabula nathi," kusho uBiyela.

OLUNYE UDABA: Umculi kamaskandi wale umkakhe wathembisa intombi umshado

Lo mcimbi ohlelelwe ukuba ngempelasonto u-Ali ubophele abaculi abanohlonze ukuze bezojabula naye ngosuku lwakhe olukhulu.

Abaculi okulindeleke ukuba babekhona ukuzokweseka uMgube futhi bashaye abadume ngazo, kubalwa kubo uMjikijelwa, uMnikezwa, uThulubuke, iMagic Voice kanye nabanye abaculi.

UBiyela uqhubeke wathi kulo mcimbi, uMgube uzoveza okokuqala ngqa imininingwane mayelana nocwecwe lakhe elisha.

"Abantu abazobe bekhona bazozizwela ngokwabo izingoma ezintsha sha ezizophuma ku-albhamu entsha," kusho yena. 



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...