Odla izidakamizwa usola uhulumeni ngokucwila kuzo

2017-02-02 14:31

Johannesburg - Odla izidakamizwa ePitoli usola uhulumeni ngokucwila kuzo, ethi inqubo yokufaka isicelo sosizo lokuyongena esikhungweni sokuhlunyuleliswa, yinde kakhulu.

Lokhu kuza ngemuva kombiko womkhuba omusha odume kwabadla isidakamizwa iwunga abawubiza nge-bluetooth, lapho osuke "eseqhunyiwe" edonsa igazi ngomjovo bese ejova omunye ngalo ukuze naye zimdake. 

Lo mkhuba kuthiwa uyabhebhetheka kakhulu.

OLUNYE UDABA: Bajovana ngegazi abadla iNyaope bathi uyithatha nge-bluetooth

Odla izidakamizwa ongafunanga ukudalula igama lakhe, uthe waqala ukuzwa nge-bluetooth ngonyaka ophelile esasejele kodwa kwaba yinto angayingeni.

Uthe ngemuva kokuphuma ejele wabanezinkinga zezimali wase ephoqeleka ukuba naye adle lesi sidakamizwa esebenzisa i-bluetooth.

Le ndoda iqhube ngokuthi ayisazifuni izidakamizwa kodwa uhulumeni akayisizi ngalutho.

OwoMnyango wezeMpilo uJoe Maile uthe ziningi izikhungo zabafuna usizo lokuyeka ukudla izidakamizwa.

"Indlela engcono kubantu abakulesi simo ukuthi baqale ngokufuna usizo."

 - EWN



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...