Odilikajele kwabesilisa abadlwengula owesifazane ephuma emngcwabeni

2017-12-06 18:00

Mokopane - Amadoda amathathu adlwengula owesifazane owayephuma emngcwabeni eLimpopo, agwetshwe udilikajele umuntu ngamunye, kusho amaphoyisa esifundazwe.

UFrans Makhafola, 33, u-Alfred Lesiba Magongoa no-Ephraim Malotsa, bobabili abaneminyaka engu-27 ubudala, bagwetshwe yiNkantolo yesiFunda yaseMokerong kuleli sonto, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe lesi sigameko senzeka ngomhlaka-17 Okthoba wonyaka owedlule, eGa-Magongoa Zone 02, ngaphandle kwaseMokopane.

"La madoda amathathu agxavuna lo wesifazane, 35, owayephuma emngcwabeni, amhudulela esikhotheni ase eshintshisana ngaye emdlwengula," esho.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owavusa isisulu efuna ukusidlwengula eVryheid

Njengoba kunemikhankaso efana ne-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children eqhubekayo, amaphoyisa akwa-SAPS eLimpopo athi ayaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi abenzibokubi babhadla isikhathi eside ejele ngamacala afana nokudlwengula nokunukubeza ngokocansi.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uMajor General Bafana Linda ubashayele ihlombe abaseshi kuleli cala abasebenza ngaphansi kweMahwelereng Family Violence, Child Protection and Sexual Offences (FCS), ngokuxazulula leli cala.

ULinda uthe lesi sigwebo sithumela umyalezo ocacile mayelana nokuthi amacala alolu hlobo ngeke abekezelelwe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...