Odilikajele amathathu endodeni eyadlwengula abesifazane esontweni

2018-04-13 19:30

Johannesburg - Inkantolo eNkulu yaseLimpopo, ebihlezi eThohoyandou, igwebe indoda yaseLimpopo ngodilikajele abathathu ngelokudlwengulwa.

Le ndoda ibihlasela abazalwane.

U-Ofhani Magwaba uphinde wagixabezwa ngeminyaka engu-15 ngecala ngalinye lokuphanga neminyaka engu-3 ngokugqekeza  ngenhloso yokudlwengula.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority uMashudu Malabi-Dzhangi uthe umsolwa nabesebenzisan nabo bagqekeza endini yasesontweni ngo-Okthoba 2013, lapho bahlasela khona abantu besifazane ababili ababelele.

OLUNYE UDABA:Sigculisekile ngesigwebo isisulu sokudlwengulwa

"Bahlasela abamangali ngocelemba nangommese ngaphambi kokubadlwengula. Baphinde bababamba inkunzi, bebaphuca imali neselula

"Abasolwa bebngaziwa kubasulu. Abasolwa babandakanyiseke kula macala ngolibofuzo," kusho uMalabi-Dzhangi.

Uthe, kwesinye isigameko, uMagwaba wahlasela isisulu ngommese u-Okapi, ngesikhathi sihambaelibangise esontweni eTshilapfene village ngo-Okthoba 2009. Wamudlwengula wamebela imali neselula.

UMagwaba uwavum,e wonke amacala awu-7.

Igama likaMagwabe lizobhalwa ebhukwini labanamacala ahlobene nawocansi.

UMagwaba uzozidonsa kanye kanye izigwebo zakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...