Oboshelwe elokushayela ephuzile usebhekene nelokudlwengula

2018-01-13 11:01

ePort Elizabeth -  Owesilisa oboshelwe icala lokushayela ephuzile, esebhekene necala lokudlwengula.

Lokhu kulandela uphenyo olwenziwe ngamaphoyisa kaMasipala waseNelson Mandela Bay Metro ngesikhathi ebona le moto ipake eWalmer ngoLwesine ekuseni.

UMqondisi wezokuphepha nokuvikela kulo masipala u-Advocate Keith Meyer, uthe ngesikhathi amaphoyisa efika, athole le moto iduma umshayeli ehleli ngaphakathi.

"Ngesikhathi kuhlolwa isimo sakhe, kwatholakala ukuthi ubhuzile. Amaphoyisa abone namachaphazela egazi emotweni yakhe kanye nezimpahla ezinegazi phakathi.

OLUNYE UDABA:Owesimame uze wabelethela eceleni komgwaqo i-ambulensi ingafiki

Kubizwe amaphoyisa kule ndawo ukuzohlolisisa lesi simo,"kusho yena.

Uthi lo mshayeli uboshelwe khona lapho.

Ngokuhamba kosuku, kufike owesimame ezovula icala lokudlwengulwa futhi esola lo mlisa nangokumshaya. Lo mlisa ubuye wabekwa amanye amacala okudlwengula kanye nokushaya.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...