Obefuna ukudla emgqomeni uthole umbungu

2017-06-02 16:00

Johannesburg - Kutholwe ingane enesisindo esingu-4kg ifakwe kuplastiki emgqomeni ngaphandle kwesitolo esidayisa uphuzo oludakayo eSouthernwood, e-East London.

Le ngane itholwe yindoda ehlala emgwaqeni ebifuna ukudla emgqomeni.

OLUNYE UDABA: Kutholakale umbungu ePMB

U-Eric Moss oyimenenja yasenxanxatheleni yezitolo uthe le ngane "eyisidudla" ibisemanzi futhi ibinezinwele ezinde ezimnyama.

Amaphoyisa avule idokodo kulandela ukutholakala kwale ngane.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Hazel Mqala uthe bekuwumbungu  okungenzeka ukuthi ulahlwe ngemuva kokuhushulwa kwesisu.

"Sivule icala kanti umbungu wona ususemakhazeni.

"Bekungakaboshwa muntu okwamanje. Sisalandela imikhondo."

 - SowetanLive

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C Scattered showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...