'Njalo uma ngizuza okuthile empilweni, nguye ofanelwe ukubongwa', kusho obethweswa iziqu

2018-04-21 11:03

Sishiye abaningi bechazekile isenzo sikaNjabulo Ntombela obethweswa iziqu zeBachelor of Laws e-University of KwaZulu-Natal kuleli sonto.

Kuthe uma kubizwa igama likaNtombela emcimbi wokuthweswa iziqu ngoLwesihlanu, wavele waguqukela kukhokho wakhe, wakhumula ijazi wamgqokisa lona wase embamba ngesandla bayokwamukela iziqu bobabili.

Yize uNtombela ebekuhlelile konke lokhu, uNomkikilizo, 89, ubebonakala ukuthi wethukile ngoba kwenzeke into abengayilindele.

Kuthe kusenjalo wazwakala ememeza ezwakalisa injabulo esho nezithakazelo. Ube esencengela ngasesiteji nesizukulwane sakhe bafike baguqa ukuze bathweswe iziqu.

"Uma into iphila ngaphakathi kuwe, awukwazi ukuyibalekela. Njalo uma ngizuza okuthile empilweni, ngiyazi ukuthi nguye ofanele ukubongwa," kusho uNtombela etshela iNews24 ngemuva kokuthweswa lezi ziqu.

"Ngiyaziqhenya ngaye. Ngicabanga ukuthi wethukile futhi ubemangele. Ubengazi ukuthi kwenzekani. Emqondweni wami ngicabanga ukuthi ubazi ukuthi lolu wusuku lwenjabulo ngakho kumele naye ajabule."

UNtombela, 27, odabuka eNkandla, ubegqize ngebheshu kulo mcimbi.

"INkandla idume ngezizathu ezehlukene kepha kumele sisebenze kanzima ukuze siphumelele empilweni," kusho uNtombela ngendawo yangakubo.

"Iningi lethu lidonsa kanzima futhi siphuma emakhaya adla imbuya ngothi."

UNtombela uthi ngemuva kokushonelwa ngabazali bakhe nogogo wakhe esamncane, ukhokho wakhe nguye owathatha indawo yokumkhulisa nezingane zakubo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...