'Ngiyehluleka ukubaxolela' - kusho umama kaVictor Mlotshwa

2017-10-27 18:00

Middelburg – "Ngiyehluileka ukubaxolela ngoba nabo behluleka ukutshengisa isihe endodaneni yami ngesikhathi beyiphoqa ukuba ingene ebhokisini lomngcwabo," kusho uLonia Mlotshwa, ngemuva kokuthi abahlaseli bendodana yakhe behliselwe isigwebo.

"Ngijabule kakhulu. Njengomama, ngenelisekile kanti futhi isigwebo akumele kube yinto ezokubulala. Ngabe ingane yami sengayingcwaba ukube baphumelela kwababezama ukukwenza," esho.

UTheo Jackson noWillem Oosthuizen - abaphoqa uVictor Mlotshwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo - bazodonsa izigwebo zeminyaka engu-11 no-14 ngokwehlukana.

OLUNYE UDABA: Bagwetshiwe abavalela umuntu ebhokisini lomngcwabo

Ngesikhathi iJaji uSegopotje Mphahlele ehlisa isigwebo sala madoda amabili eNkantolo eNkulu ebihlezi eNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg ngoLwesihlanu, uthe ukuziphatha kwalaba "kuyanyanyisa futhi kuyahlambalaza".

Abamangalelwa baphoqa uMlotshwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo bamsabisa nangokumbhunyela ngophethiloli. Lesi sigameko saqoshwa ngomakhalekhukhwini, i-video yase iyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, kwaqubuka umsindo abantu benxenxa ukuthi abenzi bokubi kumele babhekane nengalo yomthetho.

UMphahlele uthe ukuziphatha kwala madoda womabili kuyaphambana noMthethosisekelo wakuleli.

UNgqongqoshe wezobuLungiswa uMichael Masutha usamukele isigwebo esinikezwe laba.

Buka umama kaMlotshwa ekhuluma ngaphandle kwenkantolo:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...