"Ngiyala ukwenza ucansi ngize ngishadelwe"

2017-04-11 09:31

Polokwane - Ubukeka kahle, ugqoka kahle, kanti futhi nabesifazane bayazifela ngaye, kodwa lona wesilisa uthi ucansi ngeke alulokothe engangangeni emshadweni.

UKomana Raboshakga oneminyaka engu-32 ubudala namanje usayinsizwa nsi, kanti uthi uzongele ilanga lomshado.

Lona wesilisa ongowaseBochum, eLimpopo utshele iDaily Sun ukuthi useke wathandana nabesifazane ababili empilweni yakhe kodwa akaze alale nabo.

Uthi omunye wabesifazane ayethandana naye waze wamshiya ngoba nakhu babengalwenzi ucansi.

“Ngesikhathi nginentombi engathandana nayo unyaka wonke ngo-2009, ngangenza isiqiniseko sokuthi uma sibonana sihlangana emphakathini, phambi kwabantu njengasemapaki ukuze singalingeki.

OLUNYE UDABA: Kushone 4 kungingqika imoto

“Ubudlelwano obude eseke ngabakubona badonsa unyaka owodwa kodwa sahlukana ngesikhathi umndeni wentombi usuyohlala eGoli. Ngangihlele ukuyithatha ibengumkami,” esho.

“Enye intombi engangithandana nayo yehluleka ukubekezelela indaba yokuthi asilwenzi ucansi,  ngiyayilambisa ngokocansi. Ngeshwa ngangingeke ngikwazi ukulwenza ucansi, sahlukana.”

UKomana uthi  usekulungeke ukushadelwa kodwa uzimisele ngokuthatha owesifazane ozelwe kabusha.

Ugqugquzele intsha ukuba izithibe ocansini ngoba lokho kuzoyigcina iqinile ikwazi ukwanelisa amakhosikazi ngokocansi esikhathini esizayo.

“Unkosikazi wami uzoba nobusuku angeke abulibale nge-honeymoon yethu.”

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...