‘Ngikulungele ukuthunywa ngapha nangapha, ngiyisosha mina’, kusho uMengameli Zuma

2017-12-16 20:13

Johannesburg – UMengameli we-ANC ophumayo uJacob Zuma usetshele labo abebemgxeka ukuthi uyakuqonda kahle konke okwenzekile ngesikhathi ephethe, wathi akababambele magqubu.

"Angibambile magqubu futhi angisoze ngoba ngiyakuqonda konke okwenzekayo,” kusho uZuma ethula inkulumo esidlweni sakusihlwa ngoLwesihlanu.

Ukhulume ngamahlandla amabili engumengameli we-ANC, wathi kube yisikhathi esimnandi kakhulu futhi uyabonga ngokunikezwa ithuba lokuhola abantu.

Uthi ngokwakhe yena wayengafuni ukuba ngumengameli futhi wazama kaningi ukubalekela lo msebenzi waze wayohlala KwaZulu-Natal ejutshiwe ukuba ayoxazulula izinkinga ezazikhona esifundazweni.

OLUNYE UDABA: 'Uma i-ANC yehluleka ukuxosha uZuma, kusho ukuthi sekusemahlombe ethu ukumkhipha'

"Ngazama kaningi ukudoja lo msebenzi kwathi uma sebengivalela ekhoneni ngagcina sengivumile. Sasingasekho isikhathi sokunqaba.”

UZuma uthi kwakudala wayekholelwa ekutheni lo msebenzi unzima.

Uthembise ngokuthi uzobhala incwadi ekhuluma ngempilo yakhe esikhathini esingangonyaka, wathembisa nangokuthi ukulungele ukujutshwa wubuholi obusha obuzothatha izintambo.

"Ngiyohlezi ngikulungele ukuthunywa. Ngiyisosha mina. Ngikulungele futhi nokuholwa. Noma ngubani ozoba ngumengameli olandelayo ngifuna azi ukuthi ngikulungele ukuthunywa.”

Uvumile ukuthi uwenzile amaphutha ngesikhathi ephethe, nokho ulandelise ngokuthi akulula ukuthi inhlangano enjenge-ANC ingawenzi amaphutha.

 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...