Ngihamba no-Oscarine Masuluke, kusho u-Usain Bolt

2017-10-20 19:31

Cape Town - Lowo oyinkakha kweyama-Olympic, u-Usain Bolt usezwakalise ukuthi nakanjani uzovotela igoli likanozinto weBaroka FC u-Oscarine Masuluke eliqokelwe i-FIFA Puskas Award.

UMasuluke, 24, wabhakuzisa inethi ngemizuzu yokugcina yomdlalo ngokushaya isitayela esashiya abathandi bebhola bephithene amakhanda ngenxa yokuchazeka ngobuchule abusebenzisa.

Lezi zimanga zenzeka ngesikhathi iBaroka igadulisana neBaroka emdlalweni weligi ngomhlaka-1 Novemba 2016.

UMasuluke uqhudelana no-Oliver Giroud waseFrance noDeyna Castellanos, owashaya igoli lisuka maphakathi nenkundla edlalela iVenezuela.

Engxoxweni abe nayo ne-FIFA.com, uBolt uthe igoli likaMasuluke lahlaba kakhulu abantu abaningi umxhwele ngenxa yokuthi lashaywa ngunozinti.

"Ngihamba no-Oscarine Masuluke," kusho uBolt. 

"Ukuthi unozinto angafaka igoli elinjengaleliya sekusele amanenjane umdlalo uphele, yinto emangalisayo nenhle kakhulu."

Umuntu ozonqoba le ndondo ethathwa njengesezingeni eliphezulu uzomenyezelwa ngomhlaka-23 Okthoba, ngoMsombuluko.

Buka lapha ngezansi leli goli elibeke uMasuluke ethubeni elihle lokuqopha umlando:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...