Ngifuna abantu bakhuthazeke ngokuphasa kwami - Bonginkosi Khanyile

2017-04-19 16:01

Durban - UBonginkosi "Education" Khanyile, nguyena mfundi owaboshwa isikhathi eside kakhulu kunabanye abafundi ababebhikishela imfundo yamahhala.

Yize ahlala ezitokisini isikhathi eside, uKhanyile uphase ngamalengiso izivivinyo zakhe.

Ekhuluma nabeNews24, uKhanyile obefunda enyuvesi i-DUT, uthi ukuphasa kwakhe kahle kuwumyalezo nesifundo esibhekiswa kubo bonke abantu abebecabanga ukuthi babhikishela imfundo yamahhala ngoba nakhu bexakwa yizifundo zabo.

"Konke esikwenzile sikwenze ngoba sibona ukuthi imfundo kumele itholwe yiwo wonke umuntu, ikakhulukazi abantu abansundu abangawatholi amathuba enele.

"Ngisho nalokhu kuphasa kwami ngamalengiso kusayingxenye yokubhikisha, ngifuna abantu bazi ukuthi ngiyayithanda imfundo futhi ngifuna ukukhuthaza nabanye ngayo," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Sibuyela ejele isishoshovu seFeesMustFall sase-DUT

Uqhubeke wathi abantu bacabanga ukuthi abantu bebengayithatheli phezulu imfundo futhi bangosikhotheni abahlalela ukubhikisha kuphela.

UKhanyile ubenza izifundo ze-National Diploma in Public Management and Economics kanti uzothweswa iziqu zakhe ngomhlaka-9 kuMeyi 2017.

UKhanyile uthe usaqhubeka nezifundo zakhe njengoba esebhalisele i-Postgraduate diploma kuzo lezi zifundo zakhe.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...