Ngiboshelwe amanqina enyathi, kusho uZuma

2018-04-06 11:00

Durban - Lowo owayengumengameli uJabob Zuma uthathe umbhobho wabonga labo abebezomeseka ngesikhathi evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesihlanu.

"Ngifuna ukunibonga kakhulu, ikakhulukazi imithandazo yenu eniyenza ngaso sonke isikhathi. Sengathi uNkulunkulu angenza ukuthi imithandazo yenu isheshe ifinyelele Kuye," esho.

Uphinde wabonga bonke abaholi besifundazwe abebekhona enkantolo kanjalo nalabo abebezomeseka.

"Ngifuna ukuzibongela, ngiphinde futhi ngizibongele njengoba ngazibongela eminyakeni eminingi eyedlule. Kunezinto ezikulandelayo, ngisho uthi uyazivika zingavikeki," esho.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe icala elibhekene noZuma

Kusukela ngo-2005 uthi wavela enkantolo ebekwa la macala abekwe wona nanamhlanje.

"Angikaze ngizwe kuthiwa umuntu ubekwa icala, lichithwe kepha liphinde libuyiswe futhi. Nokho, ehlile-ke manje la macala njengoba ayemaningi kangaka. Angazi-ke ukuthi athethwe nini lawa amanye asesusiwe," kuqhuba uMsholozi.

Uthi kuyaxaka ukuthi ijaji limthole engenacala kepha uMbuso uphikelele ekutheni kumele abekwe la macala.

UZuma uqhube ngokuthi uyafisa ukuthi izwe liwezwe amaSpy Tapes, abantu bazizwele abanye abantu bekhuluma ngaye bembophela amanqina enyathi.

Uthi ngelinye ilanga liyophuma iqiniso njengoba kunabazimisele ngokungcolisa igama lakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...