Ngeke ngiqophisane ngamazwi noMalema - Gerrie Nel

2018-04-19 18:00

Umshushisi uGerrie Nel uthe ngeke aze angene empini yamazwi nomholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema, wathi umsebenzi wakhe wukushushisa ezinkantolo.

Inhlangano i-AfriForum imemezele ngoLwesine ekuseni ukuthi izimisele ngokushushisa ngasese uMalema ngezinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo.

Leli cala limayelana nodaba olubandakanya i-On Point Engineering, elakhishwa enkantolo ngenxa yokuthi omunye wabasolwa watshela inkantolo ukuthi uyagula.

Ebhala ekhasini lakhe likaTwitter, uMalema uthe: "Wozani bacwasi ndini nginilindele, angisatshiswa ngenyoka efile mina".

OLUNYE UDABA: I-AfriForum ifuna ukushushisa uMalema ngecala lenkohlakalo, nokukhwabanisa

UNel unqabile ukuphawula ngalo mbhalo.

“Ngeke ngiphawule ngabantu engibashushisayo. Mina okwami wukuthi ngenze umsebenzi wami. Ngingumshushisi obheka umthetho nokuthi uthini."

Owe-EFF, uHlengiwe Mkhaliphi, uthe uMalema uhlaselwa ngenxa yemigomo yeqembu.

“I-AfriForum imele ontamolukhuni abangabacwasi abamhlophe, balwisana ne-EFF ngenxa yemigomo yayo enxenxa ukuthi kube noguquko ezweni, njengokubuyiselwa komhlaba kubanikazi bawo."

INational Prosecuting Authority ithe izonquma ngo-Agasti ukuthi izolilandela yini noma cha icala likaMalema.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...