Ngeke isakhishwa emgodini wemayini ingane eyakhalakathela khona

2017-03-15 18:01

Johannesburg - Imayini engasasetshenziswa okwakhalakathela kuyona uRichard Thole emasontweni amathathu edlule kuzoba iyona ithuna lale ngane.

Umndeni waziswe nguMeya waseKuruleni uMzwandile Masina ukuthi ngeke ukwazi ukungcwaba ingane njengoba imizamo yokuba ikhishwe emgodini isihoxisiwe.

ISouth African National Defence Force iphethe ngelokuthi indlela ephephile eyokuba isidumbu sengane sishiywe khona emgodini wemayini engasasetshenziswa.

UThole‚ owakhalakathela emgodini ongamamitha angu-140 ukujula emasontweni ambalwa edlule, kuthiwa wayedlala nomngani wakhe ngesikhathi sesigameko.

OLUNYE UDABA: Abazali bavalele uthishanhloko endlini yangasese enukayo

I-SANDF yabizwa nguMasina ukuba izolekelela ukuze kutholakale isidumbu ngemuva kokuba abe-Mine Rescue Services behlulekile bona.

I-SANDF embikweni wayo ithe ngemuva kokuhlola isimo ithole ukuthi baningi abantu abangalehlekelwa yizimpilo zabo uma iqhubeka imizamo yokufuna ingane emgodini.

Esitatimendeni, i-SANDF ijube abeResearch and Development ukuba bacele iCouncil for Scientific and Industrial Research (CSIR) yenze uphenyo ngezindlela ezintsha ezingasetshenziswa ngokuzayo ukugwema izigameko ezifuze lesi.

- TimesLive

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...