Ngeke awuhambele umngcwabo womkakhe uDalindyebo

2016-08-25 10:01

East London – INkosi yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo ngeke awuhambele umngcwabo kankosikazi wakhe iNdlovukazi Nolitha Dalindyebo uzoba ngempelasonto, kusho umndeni.

"Ubethanda ukuba khona kepha ngenxa yesimo akusona manje, asicabangi ukuthi kungumqondo omuhle,” kusho isihlobo esiphinde sikhulumele umndeni iNkosana uMthunzi Ngonyama etshela iNews24.

Indlovukazi yashona emasontweni amabili edlule ngemuva kokuhlatshwa ukugula, kusho uNgonyama.

Izofihlwa ekhaya labazali bayo eNgcobo, e-Eastern Cape.

OLUNYE UDABA: Kushone inkosikazi yenkosi uBuyelekhaya Dalindyebo

Ngesikhathi kuvakashelwe uDalindyebo ejele, kunqunywe ukuthi angawuhambeli umngcwabo.

“Ukuba khona kwakhe kuzophazamisa izinhlelo abantu bagcine sebenake yena, nokungeke kube kuhle. Usanda kulahlekelwa unkosikazi ngakho kuzobe kunzima nakuye.”

Ngeke kube kuhle ukuthi inkosi ibonakale igaxwe ozankosi, esho.

UNgonyama uthe uDalindyebo ayowenza wonke amasiko ahambelana nokushonelwa unkosikazi uma esephumile ejele.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...