Ngeke akuhambele ukuvulwa kwePhalamende uZuma

2018-02-16 18:00

Cape Town - Sekuqinisekisiwe ukuthi lowo obengumengameli wezwe uJacob Zuma ngeke awuhambele umcimbi wokuvulwa kwePhalamende lapho kuzokwethulwa khona inkulumo ebhekiswe esizweni.

UZuma wesule esikhundleni ngoLwesithathu ebusuku ngemuva komyalelo we-National Working Committee ye-African National Congress.

Ukube ubengavumi ukuphuma esikhundleni, inhlangano ibisihlele ukuthi izomketula ngevoti ePhalamende.

USomlomo wesiShayamthetho sikazwelonke uBaleka Mbete uthe uZuma uqale wasamukela isimemo sokuhambela lo mcimbi wanamhlanje, kepha waphinde washintsha umqondo.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ithole ukushaqeka intatheli ebibuza abantu ngokwesula kukaZuma

“Ngiyazi ukuthi baxoxile nomengameli wathembisa ngokuthi uzoba khona, kepha manje sengizwa ngezikhulu eziphezulu ehhovisi lami ukuthi ngeke esaphumelela."

Ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo phakathi kwabe-South African Broadcasting Corporation (SABC) noZuma ngoLwesithathu, uZuma ubelokhu esho njalo ukuthi ngesikhathi etshelwa ukuthi kumele ashenxe esikhundleni, akazange atshelwe ukuthi kungani.

UZuma uthe kuyaxaka ukuthi i-ANC ithi akehle esikhundleni kepha iyehluleka ukumtshela ukuthi yini le engaka ayonile.

"Ngenzeni?" kubuza uZuma.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...