Ngeke abuyele kwi-ANC uMalema - Madikizela-Mandela

2017-12-12 19:15

Johannesburg - UWinnie Madikizela-Mandela usenesiqiniseko sokuthi umholi we-EFF uJulius Malema akasophinde abuyele kwi-ANC.

Uthe ubehlala etshela ozakwabo (abaholi be-ANC) ukuthi ngelinye ilanga uzobuya uMalema kwi-ANC, kodwa manje sekuyamcacela ukuthi lokho ngeke kwenzeke ngokubona umsebenzi asewenzile kwi-EFF.

"Lentsha le izoba ngabaholi beNingizimu Afrika," kusho uMadikizela-Mandela etshela abantu ebebese-Orange Farm eVaal ngeSonto emcimbini kaMbuyiseni Ndlozi wokubungaza ukuthweswa iziqu.

UMalema utshele abantu ebebesemcimbini ukuthi kungaba ukudelela ukucela uMadikizela-Mandela ukuba ajoyine i-EFF.

OLUNYE UDABA: BUKA: Owesilisa eshaya iphoyisa

"Walwela i-ANC futhi uzofela kwi-ANC."

UMalema uphinde watshela abantu ukuthi uMadikizela-Mandela usahlala elokishini kanye nabantu, akafani nabanye abaholi asebafudukela ezindaweni eziphezulu.

"Uma abantu baseSoweto bengenawo amanzi, naye akanawo amanzi. Uma bengenawo ugesi eSoweto, naye akanawo ugesi. Uhlupheka kanye nabo.

UMalema uthe bekulokhu kuyiphupho likaNdlozi ukuba uMadikizela-Mandela abesemcimbini wakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...