"Ngazitetela mina ngijeziselwa ukuba nezingane eziningi"

2016-10-05 14:32

Durban - "Ngajeziselwa ukuba nezingane eziningi ngagcina sengizibelethela mina."

Lawa ngamagama kaSibongile Dlamini, 31, waseWaterloo, enyakatho neTheku.

Uthi amanesi asesibhedlela oSindisweni anqaba ukumsiza ngesikhathi esebeletha ingane yakhe yesihlanu.

OLUNYE UDABA: Ashonele endleleni eya esibhedlela amawele abehlangene ngezisu

Uthe bamsola ngokuba nengane cishe yonke iminyaka kusukela ngo-2209.

UDlamini utshele abeDaily Sun ukuthi wagcina ezibelethele yena indodana yakhe ewadini okutetwa kulo esibhedlela ngaphandle kosizo lwabo.

"Akusiwo umsebenzi wabo ukungitshela ukuthi kufanele ngibe nezingane ezingakhi."

UDlamini uphinde watshela iphephandaba ukutho ngesikhathi efika esibhedlela into yokuqala onesi abambuza yona ukuthi unezingane ezingakhi.

"Bangitshela ukuthi ngizitetele mina ukuze ngingeke ngiphinde ngicabange ukuzala," kusho uDlamini.

"Ngenhlanhla indodana yami isesimeni esikahle ngokwempilo.

"Amanesi abe esenqamula inkaba, athatha ingane.

"Angizange nginikwe ngisho nokudla."

Uthe ufisa uNgqongqoshe wezeMpilo uDokotela uSibongiseni Dhlomo ukuba abavakashele bengazelele esibhedlela ukuze ezobona ukuthi iziguli ziphathwa kanjani.

Ungqongqoshe uthe ucela uDlamini udaba kufabnele aludlulisele kumphathi wesibhedlela.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...