'Ngabona uJesu ngesikhathi ngifile'

2018-04-19 09:34

Johannesburg - Akuwona wonke umuntu okuthi uma eseshonile athole ithuba lokubuya emhlabeni.

Ugogo uMargaret Baloyi uthi yilokho kanye okwenzeka kuyena futhi kuyamjabulisa.

Lo gogo oneminyaka engu-69 ubudala waseDiepkloof eSoweto utshele iDaily Sun ukuthi washona ngoMsombuluko ebusuku kodwa wabuyiswa yizingelosi.

Uthi izingane zakhe zase zizingeze isidumbu sakhe, zikhala. Ngesikhathi kufika abosizo lokuqala, bakuqinisekisa ukuthi useshonile, kodwa ngokuphazima kweso wezwakala esekhwehlela, wabonakala enyakaza!

Indodakazi yakhe uKiki, 48, ithi: “Sambiza ngegama, wasabela, kodwa wayebukeka edidekile, engazi ukuthi ukuphi.”

OLUNYE UDABA: Kudubuleke ingane, 4, kwesokudubulana eKapa

UKiki uthi ukholelwa ukuthi uNkulunkulu waphendula imikhuleko yabo.

“Kwakunzima ukwamukela ukuthi umama useshonile. Ngathandaza kwangathi ngiyaqala. Ngabamba isandla sakhe ngancenga uNkulunkulu ukuba ambuyise,” kusho uKiki.

Uthi unina wamtshela ukuthi wabona indoda ende ezungezwe ukukhanya, yamtshela ukuthi akukabi yisikhathi sakhe.

Ugogo uMargaret uthi uyakholelwa ukuthi wanikezwa ithuba lesibili.

“Ngabona indoda ende, eyathi inguJesu. Yathi kimi akukabi yisikhathi sami sokuhamba,” kusho ugogo uMargaret.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli uRobert Mulaudzi uthi bazophenya ukuthi iyiphi i-ambulensi ayaya emzini kaMargaret.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...