Ngabe bekungamaMetro FM Awards noma iMabala Noise Awards?

2017-02-26 09:19

Durban - Bayakhala abaculi kanye nabalandeli bomculo wakuleli ngokuchema okuhlale obala emcimbini wamaMetro FM Awards.

Lo Mcimbi obubanjelwe e-ICC eThekwini ngoMgqibelo ebusuku ushiye abantu bebambe ongezansi ngendlela okucaci ngayo ukuthi kunesandla semfene okuyisona esilawule ukuwina kwabaculi.

Abalandeli bathathele ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokuthi uBabes Wodumo nguyena obeshisa unyaka wonke ngo-2016 kungani indondo Yeculo elidle umhlanganiso ingatholwanga wuyena yatholwa wuNasty C.

Lo Mrepha uziwine zonke izindondo ezine abeqokelwe zona (Best Hip Hop Album, Best Male Album, Best New Artist), kodwa le yeculo elidle umhlanganiso icasule abaningi.

OLUNYE UDABA:EkaMroza ivalelwe ngaphandle kwezizoqokelwa ama-Metro FM Awards

Abantu bathi kuvele kwabonakala ukuthi imali ehamba phambili, uma ungenayo imali yokuthenga lezi zindondo uzosala ukhexile.

Umrepha uRicky Rick ushiye angalazi ngesikhathi amukela indondo yeCulo elidle ubhedu, ukotini.

“Akungadlalwa ngabantu, abantu sebavuleka amahle abasezona iziphukuphuku,”kusho yena.

Lo mrepha ubuye wakhuthaza abaculi ngokuthi vele imisakazo ichemile, ngakhoke uma bengafuni ukudlala umculo wakho emsakazweni ungawufaka online lapho abantu bezowulalela futhi bawuthokozele khona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...