NDZ vs CR17: Kuvotwe kanje ezinkundleni zokuxhumana...

2017-12-18 12:27

Johannesburg - Njengoba uqhubeka umjaho obheke ekutheni ngobani abazoqokwa njengobuholi obusha be-ANC ngoMsombuluko eNasrec, nalapho sekuphothuliwe khona ukuvota, osopolitiki bababele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukuthi bahamba nobani.

UNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula uzwakalise ukuthi "uhamba nabesifazane" kuTwitter, okuveza ngokusobala ukuthi uhamba nalowo ogaqele esokuhola i-ANC, uNkosazana Dlamini-Zuma.

Lowo okhulumela i-ANC kuzwelonke uZizi Kodwa yena uveze ukuthi weseka isekela likamengameli uCyril Ramaphosa ukuba athathe izintambo kuMengameli we-ANC uJacob Zuma.

Lowo owayekhulumela i-ANC uJackson Mthembu naye uveze ukuthi uhamba noRamaphosa.

NgoMgqibelo, uBaleka Mbete uphumele obala wazwakalisa ukuthi uphakamisa uRamaphosa ekutheni angene esikhundleni sokuhola i-ANC, ngemuva kokuzwakalisa ngaphambilini ukuthi uhamba noDlamini-Zuma.

ULindiwe Sisulu, naye ohamba noRamaphosa, ubhale kuTwitter watshela abalandeli ukuthi sekuyisikhathi sokuthi izinto zibuyiselwe emgqeni manje.

Ekhempini kaDlamini-Zuma, uSihlalo we-ANC eMpumalanga nogaqele esikasekela mengameli uDavid Mabuza naye ubonakele ezinkundleni zokuxhumana.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...