Namuhla kubekwa uMama weSizwe endaweni yakhe yokugcina

2018-04-14 08:23

Johannesburg - Namuhla kuvaleliswa uMama weSizwe uWinnie Madikizela-Mandela.

Inkonzo yakhe yomngcwabo izobanjelwa e-Orlando Stadium eSoweto ngezithuba zabo-09:00.

Kulindeleke ukuba uhanjelwe yizinkulungwane zabantu ziyovalelisa leli qhawe lomzabalazo.

OLUNYE UDABA:BUKA: Sesifikile ekhaya isidumbu seqhawekazi uWinnie Madikizela-Mandela

Izihambeli ezizobe zikhona kubalwa noMengameli waseCongo uDenis Sassou Nguesso noMengameli waseMamibia uHage Geingob.

Enkonzweni yesikhumbuzo ebibanjwe eThekwini izolo lowo owayengumengameli kuleli uJacob Zuma ushaye iculo lomzabalazo elithi Thina Sizwe.

 - Twitter:

UMama Winnie uzobekwa emathuneni aseFourways enyakatho yeGoli.

UMadikizela-Mandela, 81, udlule emhlabeni ngoMsombuluko owedlule esesibhedlela eGoli.


 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...