Namanje usalinde izimpendulo umndeni wowabulawa, wasikwa amabele

2017-03-31 07:00

Pietermaritzburg – Umndeni wowesifazane waseMgungundlovu owabulawa, uZodwa Madlala, uthi namanje usalinde amaphoyisa ukuba abophe umsolwa kuleli cala elenzeka esikathini esiphezulu kwezinyanga ezimbili ezedlule.

UMadlala, 34, watholakala ezintatha zangomhlaka-14 Januwari, esemzini owakhelene nakubo eSweetwaters, eMadwaleni.

Watholakala esesimeni esibucayi kakhulu engasakwazi nokuphefumula kahle, wathi uma ehlolwa kwatholakala ukuthi ushumpulwe amabele womabili wakhikhilizwa nesikhumba.

Washona ngaphambi kokufika kwe-ambulensi, kubika iGroundUp.

Washiya emhlabeni ingane yentombazane eneminyaka engu-12 ubudala kanye nendodana eneminyaka engu-6.

Isigameko sokubulawa kwakhe sashiya umphakathi uthuthumela.

OLUNYE UDABA: Ubulawe wahlutshulwa isikhumba sobuso wacwiywA

UNelisiwe Madlala, ongudadewabo omdala kaZodwa, uthe umndeni namanje awukakutholi ukuphumula.

"Asikezwa lutho mayelana nesigameko kanti futhi kubukhuni ukuthi sisidlulise. Namanje sisathuthumela futhi sikuthola kunzima ukuthobeka amanxeba njengoba singalazi iqiniso.”

Uthe amaphoyisa abatshela ukuthi izingubo zikadadewabo zathunyelwa ePitoli ukuze ziyohlolwa.

"Solokhu salinda kusukela lapho. Sikholwa ukuthi abenzi bokubi bayazicanasela nje emphakathini. Baphila kahle, angiboni nokuthi basakukhumbula abakwenza.

“Salahlekelwa ngudadewethu, kanti into ezosithoba amanxeba ukuthi kuboshwe ababulali," esho.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthe basaqhuba uphenyo, wathi bazowazisa umndeni uma kukhona ulwazi olusha oluvelayo.

- GroundUp

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...