Namanje kusaphazamisekile ukufunda eLimpopo

2017-03-01 14:00

Johannesburg - Namanje kusaphazamisekile ukufunda ezikoleni endaweni yaseRelela ngaphandle kwaseTzaneen eLimpopo njengoba kuqhueka umbhikisho.

Izakhamuzi zamawadi amathathu kuMasipala waseTzaneen zivale umgwaqo, zifuna ukuthi kulungiswe imigwaqop.

Lezi zakhamuzi zithi akungeneki emathuneni kulandela izimvula ezinamandla kule ndawo yaseBolobedu enezintaba.

OLUNYE UDABA: Kuqubuke umbhikisho elokishini laseThekwini

Okhulumela umasipala waseTzaneen uNeville Ndlela uthe bathumele ithimba lonjiniyela ukuba liyohlola indawo.

"Kuthathwe isinqumo sokuthi sithumele ithimba labahloli, elonjiniyela nelochwepheshe ukuba liyohlola kanye namalungu omphakathi.

"Uma seyihloliwe indawo siyobe sesizama isixazululo. Sizophinde sihlangane nawo wonke amakhansela ukudingida isimo semigwaqo kuwo wonke amawadi endaweni," kuqhuba uNdlela.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...